ZWIDE's Book

ZWIDE's Book It about life stories

12/07/2022

ZWIDES BOOK

WANGENZA DADEWETHU

P37

AVUKE LAPHO ahlale umonde abuke UMbali .

Mbali : yini wangibuka kanjena?

Monde : hayi , akusilutho ft .

Mbali : nxm ,

Monde : manje uphi uSISI WAKHO ?

Mbali : usho , uBangizwe ?

Monde : yah , yena washonaphi vele ?

Mbali : wahamba angimazi washonaphi futhi nke anginandaba .

06/07/2022

ZWIDE'S BOOK

IPHUTHA LIKABABA .

P3

ahambe ayogeza uNoxolo azilungise aphume aye esikoleni . Edleleni uhamba uyacabanga ukufa kukamama wakhe . Avinjwe ngomunye ubhunti .

Lucky : sawubona Sisi bengincela ungisiza ungitshengise kwaNdlovu .

Noxolo : ( kungathi khona okhomayo kuye ngaphakathi kuye ) nguye lo owabulala umama wakho Kanti futhi uzobulala abanye abantu besifazane . Bavikele Noxolo bathembe Wena .

Noxolo : cha , angeke ngikwazi .

Noxolo : ( imhlohla lento engaphakathi ) okusho ukuthi umama wakho wafela ubala nke .

Avele ancasuke uNoxolo , athathe itshe elikhulu alishaye ekhanda lalobhunti . Lapho lobhunti ebenganakike nakumnaka . Awe phansi lobhunti . Kungijime abantu beze kulobhunti lapho yena uzibonela nje ubaba wakhe ebulala umama wakhe .umbabhe umphakathi uthi uyamshisa alamulelwe ngamaphoyisa lapho yena akekho kwakuba bikho Lana ngokwenqondo . Ahambe naye amaphoyisa lapho ahamba ayambuza ukuthi ungowaphi .

Phoyisa : ntombazane , ungowaphi .

Ingaphakathi : nangu futhi omunye . Yabona nje ngoba ehamba nawe uyokubulala zivikele manje .

Avele asukume emontweni . Ashaye iphoyisa esinteringini . Lapho Amandla abanawo awebhubesi . Asuke lapho aphume ngewindi lemonto abaleke .

Ingaphakathi : baleka Noxolo ungabheki emumva . Baleka Sisi baleka qhawe lethu .

Lapho usethole namandla abaleke aze ayofika ekhaya kubo . Afince umphakathi uncwele ibala.

05/07/2022

ZWIDES BOOK

IPHUTHA LIKABABA

P2

Azame ukuyiziba Lena uzwelakhe kodwa umkakhe elokhe eyihlokozile .

Mantuli : baba , Lena asilali singayixazululile .

Zwelakhe : ulale Kahle nkosikazi .

Abheke ondongweni alale asale ekhamise yedwa umaNtuli . UNoxolo ulungiselela ukuya esikoleni kusasa . Ebese kungena uThobani azame ukumdlalisa .

Thobani : ( emkintaza ) Sisi wami , ohlezi ehlinile .

Noxolo : ( ngokuncasuka , embuka be ayina entameni kaThobani ) awuphume Kimi wenanja . Bani kuthiwa akusinina Bantu besilisa ngabe umama wami usaphila .

Thobani : ( ezama ukubaleka ,lapho uyakhala nokukhala ) wemama , Sisi Noxolo bengithi ngiyakudlalisa nje .

Noxolo : ( ngokuzisola ) phephisa mfethu .

Asuke ahambe lapho usekhihla nesikaNandi isililo phela akazazi enjena . UThobani azame indlela zokupholisa inxeba le ayina .

05/07/2022

Guys ngiyalivala lelipage ngoba ngathi anizithandi izindaba zami 💔💔💔😭

03/07/2022

ZWIDES BOOK

IPHUTHA LIKABABA .

season 01

P1

Kukwakhumalo emva komncwabo wabazali bakaNoxolo . Umantuli uhlezi nomyeni wakhe bayaxoxa .

Umantuli : kodwa baba ubuhlungu obuziwa nguNoxolo ngokushonelwa abazali bakhe .

Zwelakhe : mina ngincasulwa ngumfowethu . Yini Lena umkakhe ebeyenzile esengaze ambulale kabuhlungu kangaka ?

Mantuli : ayi , baba kwanzima . Mina ngizwela umntwana nje .

Zwelakhe : naye lomntwana ngathi uyisiqalekiso nje .

Mantuli : ( evuka embhendeni abelele kuwo ) hayi bo baba , usho ngani manje ?

Zwelakhe : Lala nkosikazi sokhuluma ekuseni .

Mantuli : hayi nke kumele nke ungitsele manje . Uchazeni uma uthi ingane yisiqalekiso . Magama Mani nje lawo ungubaba omncane wrngane

03/07/2022

ZWIDE'S BOOK

WANGENZA DADEWETHU

P36

MBALI : unjani s*x Monde ?

Monde : ufunani Lana Mbali .

Mbali : hawu ! Monde Musa ukwenzani engathi awungifuni .

Monde : yabona nje nalomzimba wakho owohlokile nje angiwundingi .

Mbali : yazi wemonde nkosiza ukuba ungifune ngoba wonke umuntu lapha endaweni uyafisa ukwazi ukuthi ubani owabulala usisi wami uBangizwe .

Monde : ( ebindwa ) ini ! Manje Pho Wena uncabanga ukuthi yimi .

Emdlalela ivideo efonini yakhe .

Monde : uyithathaphi lento Mbali ?

Mbali : Lala nami Monde , wenze isiqiniseko sokuba ngiyakhulelwa ingane yakho ngoba Uma kungenjalo ngizokwenza ngakhokoke okusemandleni ukukufaka ejele bhunti .

Monde : ungayenzi lento Sisi Mbali , ngiyakucela .

Mbali : ( ehleka ) uyazi okumele ukwenze .

Avele avale amehlo umonde alale naye . Lapho ekhanda lakhe kudlala ifilimi ngenkathi enukubeza uBangizwe .

02/07/2022

ZWIDES BOOK

WANGENZA DADEWETHU

P35

asukume lapho ulihle aye enkameren lakhe ayolala . Lapho uBangizwe uncabanga indlela yokuxolisa ngalento ayenzile .avele asukume aye enkameren likalihle .

Bangizwe : singakhuluma yini .

Lihle : ngithi sewulele yazi .

Bangizwe : cha , bengingakalali .

Lihle : wozohlala Lana . Yini nke Lena ofuna sikhulume ngayo .

Bangizwe : yinto eyenzenke edinner room .

Lihle : oky uthi yenzeninke ?

Bangizwe : bengicela uxolo , angazi bengingenelwe yini . Empeleni ngiyazisola .

Asondele kuye elihle ambuke ezinhlamvini zamehlo .babukane eside isikhathi .

Lihle : sancela uqale phansi uthi kwenzakaleni ?

Bangizwe : uku....

Avele amqabule esakhuluma ulihle . Azame ukumvibha uBangizwe kodwa kube nhlanga zimuka nomoya . Bancine beqabulana .UMbali uzama ukucenga uMonde ukuba athandane naye khona ezokodla izingane zakhe .

Manibheka uzovumani umonde?

01/07/2022

ZWIDES Book

WANGENZA DADEWETHU

P34

Avele ahleke uBangizwe umbona nje ukuthi akayikholwa lento eshiwo ngulihle .

Bangizwe : so awukaze nje u date empilweni yakho .

Lihle : ngike ngadate mfethu nomuntu oyione kodwa sase sahlukana .

Bangizwe : hawu ! Nihlukaniswa yini .

Lihle : wayengayazi into ayifunayo .

Baphazanyiswe ukungena kwanono .ababekele ukudla ebese eya enkameren lakhe .

Lihle : manje Wena uphi owakho ?

Bangizwe : angikaze nginjole mina .

Lihle : usunamanganke manje .

Bangizwe : ngiqinisile yazi . Yikho phela ukuthi angeke ungikholwe .

Lihle : ( embuka emehlweni ) hayi ngeke ngathi uyangikhohlisa nje .

Emqabula maqende azisole athathe ukudla kwakhe eyodlela Enkameren lakhe .

Lihle : yoh , izindebe ezibanda kamnandi kanjena . Cha , ngeke komele kube ngowami Lona . Angisamyeki .

29/06/2022

ZWIDES BOOK

WANGENZA DADEWETHU

P33

AMNIKEZE UNGWAYI abheme uBangizwe yena ebekhuluma nephoyisa elizobeqisa namuhla ebusuku .

Lihle : kuyahlangana yini ?

Phoyisa : naku ukhiye .

Asuke ulihle nalo lihambe . Ngabo 10 balungise izinto zabo bash*tshe impahla babaleke . Phela selokhe baqala lomshikashika wokweqa akaze beqe kalula kanjena . Babaleke , ngapha belahlekisa umkhondo . Ulihle uhamba nobangizwe . Lana banye bahamba bodwa . Lapho amaphoyisa awanakile abhizi necala likabangizwe elizoya enkantolo ngale mpelasonto . Babaleke baze ayongena esikhotheni kuqamuke abantu bavele balale khona lapho Kanti abantu bayazidlulela nje .

Lihle : urty .

Avume ngekhanda uBangizwe .bavuke lapho bahambe babaleke kuqamuke imonto ibandubule phela iplazi lomuntu leli abakulo . Kundubuleke ulihle .

Bangizwe : hayi bo ! Lihle undunulekile Thani ngibone .

Lihle : khohlwa yimi bangizwe asambe .

Basukume baqhubeke nedlela bahambe . Baze baphume ngaphandle kwempulazi . Bahambe kancane bafike edlini kasisi kalihle uNono .

Nono : hayi bo ! Ingane kamama kwenzakalani .

Bangizwe : bamndubulile .

Nono : kodwa lihle .

Athathe imithi amfake Yona . Athathe nogolongo amfake wona esilondeni . Ebese bembhandisha . uNono abalungisele nokudla abazokudla . Bona behlezi bexoxa .

Lihle : so Nobantu awusho kukuphi ekhaya .

Bangizwe : anginalo ikhaya mina .

Lihle : Hawu kanjani , akekho umuntu ongenalo ikhaya .

Bangizwe : bengicela sikhulume ngokunye .

Abone nolihle ukuthi kushubile Lana . Avele amyeke .

Bangizwe : so uthini umuntu wakho Wena Uma uphila lempilo .

Lihle : anginamuntu mina .

Like and comment please

Address

Vryheid Old Street
Vryheid

Telephone

+27790939798

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when ZWIDE's Book posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to ZWIDE's Book:

Share

Category