31/10/2023
Ingeyokuqala emlandweni wesifunda saphansi ogwini i Ugu District Municipality.
Lo mcimbi obizwa ngokuthi i QUEEN & KING OF UGU usungulwe inkampani ngokuphelele i CAPHUNA KUSALE EXPERIENCE akuwona umcimbi kamasipala noma wosomabhizinisi thizeni.
KUZE KUBE YIMANJE ABEKHO ABAXHASI ABASAVELILE.
(abaxhasi bazokwethulwa ngokusemthethweni uma kwenzeka bevela)
Ukungenela kuvuliwe kuyavalwa mhla zingamashumi amabili nesishagalolunye kuZibandlela kunyaka wezinkulungwane ezimbili namashumi amabili nantathu (29 DECEMBER 2023).
Njengoba kunabomasipala abane (Umdoni, Umzumbe, Ray Nkonyeni, Umuziwabantu Municipality) ayishumi ama Models (5 Females & 5 Males) azoqokwa ukumela umasipala ngamunye. Bazoba amashumi amane (40) sebebonke abazoqhudelana ngelanga elikhulu lo mcimbi ozoba mhla zingamashumi amabili nantathu kuNdasa kowezi Nkulungwane ezimbili namashumi amabili nane (23 MARCH 2024).
Abazonqoba bazohlukaniselana kwisamba semali esingaphezulu kwezinkulungwane eziyishumi (OVER R10,000 CASH PRICE) kanye nezipho ezahlukene.
Ukuzibeka ethubeni thintana no Mnumzane Caphuna ngokufaka isicelo sokungenela kule number ka Whatsapp ethi 0736714471.
Abaqokiwe bazomenyezelwa mhla zingamashumi amathathu nanye kuZibandlela kunyaka wezinkulungwane ezimbili namashumi amabili nantathu (31 DECEMBER 2023).
Abavumeleke ukungenela abaseminyakeni ephakathi kweyishumi nesishagalombili kuya kwengamashumi amabili nanhlanu 18 to 25 years.
Kugqugquzelwa kakhulu abesilisa ukuthi bavele okuyibo abafihlakele kulo mkhakha.
Lo mcimbi uthembisa ukuphakamisa kakhulu abanaleli khono elikhethekile lokumodela, unike ithuba nalabo abasemkhakheni wokungcebeleka, ube usizo kosomabhizinisi bendawo uphinde uvule namathuba omsebenzi njengesiqubulo sawo esithi ACT NOW TO SHINE ngokuhumusha ENZA MANJE UKUZE UGQAME KUMBE UPHUMELELE.
Ukwazi kabanzi landela ikhasi lika Facebook elithi Queen & King Of Ugu