23/02/2023
UTHANDO LWAKHE - P2
(23 FEB 23 β’ BOOK)
BY SICELO. S. SITHOLE
072 349 7278 β’ 083 265 7223
Uma Ephinda Efona uThandolwakhe Ibanjwe Ngomunye Wabangani Baka Scelo Ifoni, "unjani sisi?" Ngyaphila bhuti, Uphi uScelo? Akekho usaphumile kodwa sizokwazisa uma esebuyile okwamanje sisabhizi nathi lana, Oh Ayikho Inkinga bhuti bengfisa ukuzwa nje ukuthi uyaphila yini, kuncono mayephila nimtshele afone uma esebuyile kuyaqala nokuthi ashiye ifoni yakhe kodwa akunankinga ngyakuzwa bhuti π Maqede avale ifoni uThando Kungamgculisi kuthi uScelo Akekho Kodwa iFoni isalile, Aqhubeke mokukhathazeka umntana ka Mamkhwanazi π
Sifone isangoma sabo sibuze impilo kuThando "thokoza gogo niyaphila" yebo syaphila mama unjani wena
Mamkhabela _syaphila thina ngfona ngkhathazekile mtanami la
Thando _Yini mama kwenzenjani?
Mamkhabela _Uphi ubhuti wakho lo enanifike naye la?
Thando _Ukhona
Mamkhabela _Awumnike ifoni π
Thando _Akekho eduze nami okwamanje ukubangani bakhe kodwa yena uthena uzobuya, ngzamile ukufona ifoni ibanjwa abangani bakhe bathi usaphumile
Mamkhabela _Mmm mmm! π
Thando _Kungabe konke kuhamba kahle mama ? π³
Mamkhabela _Akukho okuhle engikubonayo ngaye okwamanje
Thando _Uqonde ukuthini? π³
Mamkhabela _Akuncono kube uthole yena ocingweni umuzwe uthini, ngoba lokhu kusile imbuzi yakhe le akayilethayo ilele ayidli, ayiphuzi manzi kuhle kwembuzi egulayo nokuyinto eveza kuthi akekho endaweni ephephile noma uyagula la ekhona kunento emehlele π’
Thando _Awuthi ngizame kufona kodwa labafana bengayenzani lento engiyicabangayo shembe π’π, Ngzobuya kuwe mama mangimthola ngyabonga π
Agxume efonini futhi uThando usefonela uScelo futhi, Ibanjwe abangani bakhe Asebenza Nabo "Yebo Sisi besichazile kuth sibhizi akekho uScelo" avuke ngolaka uThando "yey! Yey! Yewena... Ingane yakwethu le engiyifonelayo, uma ungafuni ukusha nendlu nginikezele yona ifoni manje" sisi wam akekho uSce.. "Ngithi yey! Mnike ifoni manje wemfana" π ....